Blogs

AmaHlubi nobuNgonyama

Kuyakhuthaza ukubona isizwe samaHlubi sikhuthalele ubukhosi ngalendlela, ngokwami ngiyafisa ukubona zonke izizwe zikushisekela kanjena ubukhosi bazo. Izizwe zomdabu azingahlali zilindela ukukhangeza kuHulumeni. Amagalelo akhombisa ukuthi sikulambele ukubusa phezu kwezizwe zethu, singalindeli ukubuswa ngabezizwe kuzenza siziqhenye. Nakuba kunjalo ke, ngikuthola kuwukugagamela ukuthi AmaHlubi afuna ubuNgonyama, izizathu engizizwayo okwamanje yilezi, esokuqala ukuthi “AmaHlubi awakaze akhonze ngaphansi kukaZulu”,...
Read More

Ingculazi

Kuthe ngesikhathi seSilo uMsimude kweqa abafana bangena eSigodlweni kwaNodwengu bahamba bayozithola ngoMndlunkulu weSilo (izintombi zesigodlo) zafika izindaba eSilweni kanye noNdunankulu wakhe uMasiphula kaMamba wakwaNtshangase. Balandwa abafana bezothetha icala kwatholakala ukuthi phakathi kwabo kukhona nendodana kaMasiphula ogama layo kunguZiyankomo. Kwaba yinkinga enkulu ngoba phela isijeziso salelocala kwakuwukufa, saqala iSilo saba manqikanqika ngokukhipha izwi lokuthi babulawe ngoba...
Read More

Izigaba zemicimbi yeSintu eyenzelwa intombazane

Izigaba zemicimbi yeSintu eyenzelwa intombazane Izazi zamasiko esiZulu endulo zaziyihlukanise kathathu imicimbi eyabe yenzelwa intombazane ngokwezigaba edlula kuzo ngesikhathi ikhula ize ibe sezingeni lobukhosikazi. Lapha kufaka phakathi ukwenzelwa idili lomhlonyane, umemulo kanye nomkhehlo. Le micimbi yayenziwa ngabazali, wumndeni noma yizihlobo eziqavile zentombazane. Ngokwemiyalelo yezincithabuchopho emasikweni esiZulu lokhu kwenziwa ngokulandelana. Kuqala uMhlonyane, kulandele uMemulo, kugcine uMkhehlo....
Read More

A SUBMISSION BY HIS MAJESTY KING GOODWILL ZWELITHINI TO THE COMMISSION ESTABLISHED IN TERMS OF SECTION 22 (1) OF THE TRADITIONAL LEADERSHIP AND GOVERNANCE FRAMEWORK ACT, ACT NO. 41 OF 2003.

As posted by uMntwana uThulani Zulu, kaGqikazi A SUBMISSION BY HIS MAJESTY KING GOODWILL ZWELITHINI TO THE COMMISSION ESTABLISHED IN TERMS OF SECTION 22 (1) OF THE TRADITIONAL LEADERSHIP AND GOVERNANCE FRAMEWORK ACT, ACT NO. 41 OF 2003. OCTOBER 17-18, 2005. SUBMITTED BY ISILO ON 17 OCTOBER 2005 Protocols I greet the Chair of this...
Read More

Impi Iyeza

Ivuke gubhu kusempondo zankomo induna yesigodi sakwaThengamehlo uNxantathu Sibisi. Abhince ibheshu lakhe, ngenhla uqimbile, abuye alikhumule agqoke ibhulukwe neyembe aphumele emnyango abone kusemnyama bhuqe phandle abuyele endlini. Ubelele obenyoni ubusuku bonke kulandela umbiko awuthunyelelwe uzakwabo wasesigodini saseNgcongoma. Ayithathe le ncwadi equkethe lo mbiko ayifundisise. Azibuze angayitholi impendulo, udliwa udweshu lwangaphakathi. Kumcacele ukuthi ubengaphuphi neze uma...
Read More

INkosi iNgeyethu

Ngokukhulu ukuhlonipha sihlalile sathula sabukela indaba yaseNdlunkulu isixoxwa ngezithangami zabezindaba, sisadabukile ngaphakathi kuze kube manje. Izizwe zisibuza njalo njalo ukuthi sekwenzenjani ngobukhosi benu enibuthanda kangaka, nenihlala nisiqhoshela ngabo? Siqale sacasha ngokuthi akukusha ukuthi kube nombango wesihlalo kwazulu, kusukela kuMjokwane ebanga noMkhazane kuze kube nguye uBhejane eyofihlwa eMaNdebeleni bekuhlale kubangwa, iqiniso ukuthi lokhu sekuthe ukwehluka ngoba...
Read More