Amadlozi – Akusiwo wonke Amadlozi adinga uyothwasa

Impepho is an incense burnt to connect with ancestors
 Amadlozi awafani
Sekuvamile ukuthi abantu abaningi bagijimele ukuyothwasa, sekubukeka sekungathi kuyifashini nakho ukuthwasa, kulesisiqephu sanamuhla umbhali uthinta ukuhlukahlukana kwezigameko ezifusa idlozi linyakaze emndenini, nanokuthi imindeni kumele iphendule kanjani kulezizigameko, futhi nokuhlukahlukana kwamadlozi ngokusebenza kwawo esebensiza amalunga asaphilayo emndenini. Ake, singene kuzo lezizinhla zamadlozi nokuvuka kwawo.
1. Kunedlozi elidinga umsamo phakathi kwekhaya, okuyindawo ekungena uMnumzane wekhaya namadodana kuphela. Kubalulekile futhi ukubalula ukuthi Umsamo nendlu kaGogo akufani noma akusiyo indlu eyodwa.
2. Siphinde sibe nedlozi elizifunela isibongo nje vo! Uma ngingenza isibonelo nje uma ekhaya amantombazane ezala imilanjwana kujwayekile ukuthi kube nezikhalazo edlozini.
3. Kukhona elinye idlozi eliziveza uma mhlawumbe kunomuntu othwele ekhaya noma obenesikhwama esibi, kuthi uma esedlulile emhlabeni afune ukusebenzisa isizukulwane. Isibonelo; umuntu owenza isifungo segazi kuyenzeka uma esedlulile azame ukufeza imisebenzi/izifiso zakhe esebenzisa isizukulwane sakhe, uma konke lokhu kwenzeka efika kulelo lunga lomndeni abaningi bagcina bethwasa kanti bathwasa idlozi elingalungile noma isilwane uqobolwaso.
Isibonelo salokhu uma khukhona othwasayo ekhaya kodwa uma esephotholile bese kungabi nampilo ekhaya phakathi.
Kuphinde sibe nedlozi elizifunela ukufakwa ekhaya kuphela  ngomthetho.
4. Siphinde sibe nedlozi elifuna ukulungiselwa izinto ezasala zingaqediwe emhlabeni noma amacala. lokhu osedlulile kumenza angatholi indawo emfanele edlozini. Ingakho ebuya ezohlupha ekhaya ukuze isizukulwane simulungisele. Isibonelo ugogo osewadlula aziveze njengo muntu ongahlalisekanga kahle, izikhathi eziningi lowo muntu akadinge kuthwasa ufuna nje kulungiswe lawo macala kuphela.
Njengo Gogo ongathelwanga ngenyongo mhlazane eshadela kuleso sbongo ashonele kuso.
5. Siphinde sibe nedlozi elikubantu abazalwa bembhethe. Leli futhi idlozi elingadinge kuthwaswa lizifunela nje ukuthi umnikazi wengubo alungise ingubo yakhe kuphela.
6. Kukhona futhi amadlozi afuna uxolo nje voo!! okungadingeki nokuthi uze uqale uthi uyalithwasa. Isibonelo umkhulu ongaqedanga ukulobola isalukazi sakhe, indlela afika ngayo kwilunga/kumalunga womndeni abantu bagcina bethwasa kanti bekufuna kulungiswe amacala akhona nekhehla ligezwe lithathe indawo yalo.
6. Kuphinde kubekhona idlozi ebelihlupha noma lihlukubeza umndeni ngesikhathi lisasemhlabeni manje selifuna uxolo ngenxa yenduku eqhuma kulo noma kwisizukulwane kuyenzeka livele sengathi umuntu ungenwe idlozi kanti akunjalo. Umuntu omdala ukhangela uxolo nje vo!!
Okunye ebengingathanda ukukudlulisa ngokolwazi enginalo nawo imbala ama dlozi adinga ukuthwaselwa awafani.
(i) Sinedlozi elikupha isiphiwo sokwelapha.
(ii) Sibenedlozi eligulayo lizifunela nje intwaso kube ukuphola kwalo njalo kuphela.
(iii) Siphinde sibenedlozi lokubhula abantu kodwa umuthi wokulapha lingabi nawo.
(iv) Kunedlozi elazi umuthi noma              inyamazane kodwa alikwazi ukubula.
Selilonke nje kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthi siqale ukuthaswa noma ukwenza imicimbi egameni ledlozi sazi uhlobo lwedlozi esikhuluma ngalo nokuthi sazi kabanzi ngesimo sasemakithi njengokuthi nje uzihluphe ngokwazi ukuthi abakuzalayo baqeda zonke izimfanelo zesintu mhlazane begcagcelana njengokuthelwa ngenyongo.
Ezinye zazinto ekusemqoka ukuthi sikukhuthelele ukuzazi njengoba sizazi thina uqobo.
Written by: Tshifhiwa Mukwevho

Events Calendar

November 2026

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
26
27
28
29
30
31
1
Events for November

1st

No Events
2
3
4
5
6
7
8
Events for November

2nd

No Events
Events for November

3rd

No Events
Events for November

4th

No Events
Events for November

5th

No Events
Events for November

6th

No Events
Events for November

7th

No Events
Events for November

8th

No Events
9
10
11
12
13
14
15
Events for November

9th

No Events
Events for November

10th

No Events
Events for November

11th

No Events
Events for November

12th

No Events
Events for November

13th

No Events
Events for November

14th

No Events
Events for November

15th

No Events
16
17
18
19
20
21
22
Events for November

16th

No Events
Events for November

17th

No Events
Events for November

18th

No Events
Events for November

19th

No Events
Events for November

20th

No Events
Events for November

21st

No Events
Events for November

22nd

No Events
23
24
25
26
27
28
29
Events for November

23rd

No Events
Events for November

24th

No Events
Events for November

25th

No Events
Events for November

26th

No Events
Events for November

27th

No Events
Events for November

28th

No Events
Events for November

29th

No Events
30
1
2
3
4
5
6
Events for November

30th

No Events