Written by Dalisu Buthelezi Twitter @DalisuB
Nina beLanga eliphahlwe amaLanga amabili, elinye elaseSwatini, elinye elakwaZulu, ngiyakhuleka.
Uma uqala uhambo lokulandelela umlando kaZulu, kuvamile ukuthi ufikele kuwo bese ugqamisa uMamonga kuliqhawe uZibhebhu kuyinja. Nezibongo zeSilo uDinuzulu zithi “uMpondo zamila enjeni (kuZibhebhu kaMaphitha) ukube zamila enkomeni sasiyosika amagudu okubhema”.
Nolwami uhambo luqale kanjalo eminyakeni eminingi eyedlule, kodwa kuningi esengikufundile kamuva okungishintshe indlela engibuka ngayo lona woMhlane ozingedla obelethe izilo zelakanyana.
Owami ke um’bono uthi ngokucubungula umlando, UMA UMLANDO UNGASEKELWA IZIBONGO NAMAHUBO ASIKWAZI UKUWUTHEMBA KAHLE HLE.
Angisike ke elijikayo ngomntwana uZibhebhu kaMaphitha, uNgalo zimqingo ngokugwedlela ibhosho, ugwedlele uButhelezi benoZungu phansi kweTshana. Ngizozama ukucacisa ukuthi: ngabe wayefuna isihlalo yini uMagasa, wayesebenzisana kanjani nabamhlophe, ngabe wayecabangani evimbezela uNdi, noma yiziphi izizathu nengcindezi ayenayo ukuze enze lokhu. Okunye ukuthi obani abanye abambukayo, noma sibuke idlanzana elincaaaaaane elingambukanga kwaZulu.
- Indlu yakwaMandlakazi
Asiqale ngokubheka ukuthi uMandlakazi ubenazo yini izifiso noma ukucabanga ukuthi ubukhosi kwakumele kube ngobendlu yakwabo. Baningi abathi uZibhebhu kaMaphitha wayelwa ngoba uMntwana uSojiyisa kaJama nguyena owayemdaka kunoSenzangakhona ngakho kwakumele abe yinkosana.
Asikucacise ukuthi uMntwana uSenzangakhona wabubanga noMntwana uMkhazane ubukhosi, lapho kuthiwa amaqhawe akwaMpungose alwa ngokuzimisela, wehlulwa uMkhazane.
UMntwana USojiyisa akaze amubangise uMjokwane isihlalo, wayeyikhanda laseKhohlwa futhi wesekela uSenzangakhona ehlala eduze kwakhe emkhonza. Waqhubeka nokusekela ukubuya kwelembe kwaMthethwa okuyinto eyamxabanisa iSilo uSenzangakhona noMntwana uSojiyisa, waze washisa umuzi wakhe, owavuswa yiLembe seliphethe, wabizwa ngokuthi kuseKuvukeni.
ILembe malibuya kwaMthethwa labulala abaningi ababesondwlene neSilo uMjokwane, njengo Nkwelo, Nobhongoza bakaJama kodwa wamshiya uSojiyisa, wamnika ukuba ahole elinye lababutho agasela kwaNdwandwe esigodlweni sikaZidwe, waze wasala khona, iLembe lamhlonipha ngokumnika wona lona wakwaNongoma/kwaMandlakazi. Labe seliphathwa inkosana yakhe uMaphitha.
Naye waphinda wakhonza ngokukhulu ukuthembeka eNdlunkulu. Izibongo zomntwana uMaphitha kaSojiyisa ziveza ukuthi wayikhonza indlunkulu kaZulu kusuka kulo iLembe uze uyofika kuCetshwayo kanje:
“Umhlane lozingedla, obelethe izilo zalakanyana, ubelethe iSilo sakwaBulawayo, esaseMgungundlovu, esakwaNodwengu nesasoNdini”
Siyezwa ke ukuthi naseNdondakusuka iZigqoza zase silusobosela uSuthu lukaMjininindi, wafika uMandlakazi ngokulayeza kukaMaphitha lwazojika izinto. wawaphaka amankentshabe uZibhebhu aziqumba phansi iZigqoza, basithatha bayosibeka esihlalweni iSilo sasoNdini.
UMntwana uZibhebhu uqhubeke nokukhonza phansi kweSilo uCetshwayo, umlando ukufakazela ngokucace bha ukuthi wayengenanhloso nakuhalela isihlalo. Ongqondongqondo bempi yaseSandwana kubalwa izikhulu ezine zikaCetshwayo, uNtshingwayo kaMahole, uMnyamana kaNgqengelele, uDabulamanzi kaMpande noZibhebhu kaMaphitha.
UMntwana uZibhebhu walwa eSandlwane waze walimala, waphinde wabhuqabhuqa abelungu yedwa kwaNolele bebhukuda emfuleni.
IZibongo zakhe ziveza lamagalelo akhe eSandlwana nakwaNolele, kanje:
“UNongqayiza bemthibela
Uthitshelwe ngaSotsha namaGumgedlela
Ubhukudise amelungu bengasathandi ukubhukuda kwanolele, isibhamu sidle umlungu, sidle ingwenya
UMudli wenguyazana yedwa kwaNolele
Lwalala uSuthu lungayidlanga,
Mjaheni masotsha mjaheni magumgedlela
OKaNdaba wayengesanakwephuka kwaNolele, ukube wayenokwephuka, wayeyophuka eSandlwana”.
Kusuka kuSojiyisa, uMaphitha, Zibhebhu asikutholi ukuthi indlu yasekhohlwa kaJama ibinezifiso nokuhalela isihlalo sikaNdaba.
Futhi emuva kweMpi yasoNdini luhlaselwa ngabamhlophe, siyathola ukuthi uCetshwayo wacela ukuba izinyane lakhe liyofihlwa khona kwaMandlakazi, wayengakwenza kanjani uCetshwayo ukuthi ashiye inkosana yakhe emzini ohalela isikhundla sayo. Lokhu futhi kuqinisekisa ukuthi iSilo SASIMETHEMBE KAKHULU UZIBHEBHU umfowabo lona.
2. Ukuqala kwengxabano
Kuze kube manje siyabona ukuthi uZibhebhu noCetshwayo bangamathe nolimu. Pho beqhathwa ubani? Kunezinkomba engizozithinta eziveza lapho izinkinga ziqala khona, ngokungenelela kwaBamhlophe.
Amangisi athe ukuhlula uZulu abe esebopha iSilo, nazi izigameko-skhathi ezibalulejile kulenkulumo yanamuhla:
1878, 4 July impi yasoNdini kuhlasela amangisi
1978, 28 Aug: inkosi uCetshwayo yabanjwa
1879, 1 Sep iNgilande yabeka aMachief angu 13
1879, 4 Sep, Inkosi yadingiselwa eKapa
1882, Aug, Inkosi yaya eNgilande iyocela ukubuyiselwa kwaZulu
- Ingilande yafuna inkokhelo yempi yaseSandlwana 60 000 wezinkomo ukuthi ziye kuJantoni
- uZibhebhu waqoqa izinkomo zaya kuJantoni
- Usuthu luntshontsha izinyane kwaMandlakazi oPhanyekweni
- USuthu luhlasela uMandlakazi ngelanga ifika inkosi ibuya ekudingisweni
1883, 21 July, uZibhebhu uvimbezela oNdini
1884, 8 Feb, Inkosi yakhothama emuva kokudla kusolakala ukuthi yadliswa eShowe esilungwini
- oKaMsweli ubeka uDinuzulu
- Inkosi uDinuzulu ihlasela uMandlakazi KweyaseTshaneni
- Izingxoxo zokuthula kwaZulu phakathi kukaZibhebhu noDinuzulu ziphethethwe ngabamhlophe
- UZibhebhu ubulala uMsushwana
- UDinuzulu igqisha kwaCeza
- Impi yakwaNdunu
- UDunuzulu uyaboshwa
Loluhla lwezigameko ezingenhla ngizolusebenzisa ukwakha umqondo nemicabango esithathe yasibeka lapho uMntwana uZibhebhu eguquka eba yisitha seNdlunkulu.
Njengoba bese ngibekile, emvakobuboshwa kwenkosi yadingiselwa eKapa, abamhlophe babe sebebiza izikhulu zikhazulu ezingale kuka 200, bazotshena ukuthi iSilo ngeke siphinde sibuye, futhi uZulu akakhohlwe ukuthi uyoke ubuyele efeni lawo owalinikwa yiLembe wobukhosi obubodwa obukhulu obubuswa yiNgonyama.
Bamemezela ukuthi umhlaba wakwaZulu usuzohlukwaniswa izifunda ezizingi ezizimele ezingeke zisaphathwa yiNgonyama, kodwa zizozimela ziphathwe yingilande, zingu 13 ke izikhulu ezemukela loluhlelo lobuChief, ngoba oMnyamane baqala bagoloza nje, umhlaba wabo waba ngaphansi kukaHhamu wakwaNgenetsheni. ONtshingwayo kaMahole wavuma, Somkhele wavuma, uMgojana le Emgazini, uMfanawendlela wanikezwa uNdi, ebantwaneni bakwaZulu ke uHhamu no Zibhebhu yibona abathatha loluhlelo kulo 13 wezikhulu.
Indlunkulu ayikuthandanga ke lokhu, kuzwakala ngathi kwabakhona umhlangano eNdlunkulu lapho bavumelana ukuthi bazolugolozela loluhlelo, kanti kulomhlangano wayengekho uHhamu noZibhebhu, babengazi ukuthi abaphathiswa bohlaba weNkosi babezozama ukugoloza.
Ngathi yisona sici sokuqala sikaMagasa lesi.
Okwesibili, uma Inkosi isifike eNgilande yazicelela ukubuyiselwa ekhaya, isho khona ukuthi ngeke isalwa, kanti vele yayilwa ngoba amangisi eza azoyichukuluza ezweni loyisemkhulu izihlalele khona.
Kuthiwa iNdlovukazi UQueen Victoria wasivuma isicelo sokuthi inkosi ibuyiselwe oNdini. Wabe eselayeza ukuba uzulu akhokhe izindleko zikaNjantoni (John Dunn) owayephakela amasosha eNgilande ngesikhathi elwa noZulu. Kuthiwa bagagula u 60 000 wezinkomo zalenhlawulo. Lomlayezo bawuthumela kuZibhebhu belu, ngalesisikhathi indlunkulu yayingasamukelekile njengendlunkulu, empeleni babethe abamhlophe awudingiswe umdeni weNkosi uyokhosela ngaphansi kukaJantoni esifundeni esiphakathi koThukela noMhlathuze, abakugolozela futhi. Ngakho imibiko babengasayithumeli kuMntwanomkhulu uNdabuko, noma kuNdunankulu uMnyamane ngoba babegolozile uhlelo lwabo.
Kuyavelake ukuthi isici sesibili ukuthi, indlunkulu yayithi “yini bakhulume nawe Zibhebhu abelungu uma befuna inhlawulo”
Kuthiwa okekho ke owayigqiza Iqakala Indaba yokuqoqwa kwezinkomo zenhlawulo yeSilo. Kwathi uma kusondela amalanga omnqamulajuqu, uMntwana uZibhebhu waqala umkhankaso wokuqoqa lezinkomo. Waqala ukubalela phezu kwalezo ezazilethwe nezinyane lesilo kwaMandlakazi.
Waziqoqa ke lezonkomo, wathatha ngisho ezaseNdlunkulu emadlelweni, kwezinye izizwe wazidla ngejozi impela efuna isibalo senele, zawela uMhlathuze zayofika kuJantoni,
Nali ihubo elaqanjwa kulesisi gameko
“ngezamandla lezonkomo
Ngezombango wakwaZulu
Ngezamandla
Ezawela uMhlathuze ngamandla”
Isici sesithathu lesi sokuthi wadla izinkomo zase Ndlunkulu, kukhona elinye ihubo lakwaMandlakazi elithi
“Ndaba bayakuzonda abakwenu,
Bayakusentela,
Ndaba wona ngani?
Wadla lezonkomo”
Kulezizici ezingenhla angicabangi ukuthi kukhona ebese sisibi ngaleyondlela yokuthi akabulawe, ngoba wayefuna kubuye iNkosi ezweni layo ngokuqoqa lezinkomo.
Guququ kwase kuzwakala ukuthi oSuthu bafuna kubuye izinyane leSilo, abanye Bathi liyahlushwa lisenga izinkomo, abanye bathi kwakuthiwa oNdlunkulu balikhumbule. Anqabe nalo uMagasa ethi uma lingalimala ngiyothini mhla Inkosi ibuyayo. UMntwanomkhulu uNdabuko wathumela amadoda ngamahhashi ayomntshontsha uDinuzulu, bamthola edlala laphaya oPhanyekweni, bamthatha. Bayomfihla ekuShumayeleni emzini kaMnyamane. UDinuzulu “yintukuzo abayithukuse ngomkhumbi omnyama wakithi ekuShumayeleni”
Kuthiwa uMnyamane ngokwesaba uZibhebhu wagcina eyocela kwabamhlophe ukuvikelwa, Bathi bona thatha ubuChiefu sizokuvikela, wagcina ebuthathile ke nokaNgqengelele.
Kuthiwa emva kokuba iwundlu lintshontshiwe uMntwanomkhulu uNdabuko wathumela kwaMandlakazi ukuthi ucela kubuyiswe izinkomo ezazihambe nezinyane leSilo, wathi uMntwana uZibhebhu zakhokha inhlawulo yeSilo kwaBamhlophe, wathi uNdabuko amanga lawo wazidla, Lwahloma kanjalo ke uSuthu.
Kuthiwa bazama oMnyamane ukuwubhula lomlilo, kodwa uMntwanomkhulu wabaphoqa ukuthi abashone khona.
Luhloma nje uSuthu ngathi luphuthuma ukuthi iSilo sithi sifika nje akasekho uZibhebhu, ngoba kuthiwa Inkosi yabuza ukuthi yahlangatshezwa abantu abancane kangaka ifika ngomkhumbi, kwathiwa abaningi baphume nempi yoMntwana uNdabuko iyohlasela kwaMandlakazi, kuthiwa iSilo sathi akavinjwe ngoba uzobabhuqa uZibhebhu.
Phambi kwempi kuthiwa uZibhebhu wacela uHhamu azohloma naye, ngoba vele kwakucaca ukuthi uma uSuthu luqeda ngoMandlakazi luya kwaNgenetsheni ngoba yibona amaChiefu ayevume uhlelo. Kuthiwa wacela noNtabatha kaMqundane waseNjikini, kodwa abantwana eNjikini Bathi bona bazohloma noSuthu, wasala uNtabatha kayanga empini, bafike basala kuleyompi abantwana.
Ngapha kwaMandlakazi uZibhebhu naye uzama ukuthi Inkosi mayifika ibone ukuthi akalusukelanga uSuthu. wakwenza kanjani lokhu? wawaqoqa amabutho asuka emngceleni wakwaMandlakazi noSuthu, thina bakwaNongoma siyazi ibanga lokusuka eKuvukeni, uya eNkungwini usuke khona uye oPhanyekweni, yonke lemizi yokukhosi bakwaMandlakazi wathi ayishiywe kanjalo amaButho ayogqisha eNdimhlane ngaphesheya koMsebe, lokhu kuthiwa wayekwenzela ukuthi kube ubufakazi kuSilo ukuthi beze bazomhlasela phakathi impela kwaMandlakazi.
Kuthiwa wawubuka uMsebe ugobhoza wathi niwubona unjena nje ungahle ugcwale izingazi zamadoda, bese bethi “umlokothi wodaba luvele, ucasuke kabi Ndaba walokotha uMsebe wathi uyogcwala izingazi zamadoda, nebala wagcwala zona”
Lwehlulwa kabuhlungu uSuthu eMsebe, kuthiwa uZibhebhu wayalela amabutho ukuthi angababulali abafowabo abahlome noSuthu uzozibulalela bona yena. UMakhoba kaMaphitha noNhlangano kaTokotoko. kuyezwakala ke ukuthi ukuyaleza kweSilo ukuthi uNdabuko akasheshe axoxisane noZibhebhu kube noxolo yayichithwa yibo laba abakwabo uZibhebhu, cishe ngezinzondo nombango wakwabo ngaphakathi kwaMandlakazi.
Kuthiwa empini uZibhebhu wamjaha waze wamthola uMntwanomkhulu, wathi ngeke ambulale ngoba uyivaka vele, futhi ufuna exoxele inkosi ngalomonakalo awenzile namuhla
Izibongo zibeka kanje:
“UMnguni ovimbele abanye abeNguni
Mhla bezaNgothuli eNgxongwane
Wabuyisela amagwala emuva
Uyudlawu mfokaShaka
Abanye uyababamba uyabayeka
Abanye uyababamba uyababulala
Wamyeka wathi akahambe ayokhuluma izindaba zakubo oNdini”
Kanti futhi noMnyamane wathi esemubambile naye kulempi wathi ngeke amubulale ngoba wezwa kuthiwa wayemkhuza uMntwanomkhulu uNdabuko.
Kuze kube manje la eMsebe angikawutholi uMkhondo othi uZibhebhu wayexhasene nabaMhlophe kuketulwa isihlalo sobukhosi, noma efuna sona isihlalo belu.
Mhlawumbe okunye esingakithinta ukuthi sasingasekho nesihlalo ngalesisikhathi, iSilo sasibuyela ukuzophatha isiqeshana esincane somhlaba oNdini, sesifungile naso ukuba yiChiefu.
Kwathi uma kuzwakala ukuthi iSilo sibuyile, futhi sithumele kuzulu wonkana ukuthi azosisingatha, kuthiwa asithumelanga kwaMandlakazi nakwaNgenetsheni, ezinye izikhulu njengoNtshingwayo ezase zibuthathile ubushifu zazikhona oNdini. Okwami ukucabanga kuthi umbiko wokuthi isilo sathumela awulona iqiniso ngoba phela abamhlophe base beyale kahle ukuthi akaseyona iNgonyama kaZulu wonkana. Ngicabanga ukuthi uZulu waziyela wona ngenkani oNdini, futhi wawethembe ukuthi angahle ayiphake okaNdaba.
UMntwana uZibhebhu noHhamu kwakungelula ke bona ukuthi batheleke eMzini oqeda kubahlasela, ngaphandle uma Inkosi yayizobamema yona. UMagasa wathumela izinkomo ukuyoshweleza ngabantu benkosi abalimale empini yaseMsebe ezivikela yena nesigodlo saseBanganoma. Kuthiwa iSilo kasizinakanga izithunywa zikaMagasa, wavele wabona ke ukuthi uSuthu kusho ukuthi luhlanganele ukuphinda luzohlasela yena.
Wabe eseqoqa amabutho egasela oNdini, kwaba yisibhicongo, wayewayalele amabutho ukuba angatithinti Inkosi, kodwa yagwazeka ethangeni yabaleka ngehhashi yasinda. Lokhu ke kwaba engeqiwa ntwala uZulu wafelwa zikhulu zawo eziningi ngosuku olulodwa, into engakaze yenzeke.
Kodwa yayingavimbeka lenhlekelele ukube iSilo sayithathela phezulu indaba yokuhlanganisa uNdabuko noZibhebhu baxolelane, okungenani kuqaleke izingxoxo zokubuyisana, ezwe amacala onke ukuthi alubeka kanjani loludaba.
Ngalesisikhathi amangisi ayesewuqedile umbuso kazulu, futhi abuye awusenga umnotho wawo wezinkomo, ase ewuxabanisa wodwa ngendlela eyesika ngawo umhlaba ebeka namaChiefu, angiboni ukuthi ayengabe esadinga uZibhebhu ukuthi aketule siphi sona isihlalo, ngoba sase singasekho vele. Nokuba wayesaphefumula uMjininindi yingoba iNdlovukazi yaba nozwela mhla ezikhalela ezicelela ukuya ekhaya. Ngiyazi abanye bajwayele ukuthi iSilo sayihhahhamela indlovukazi masifika eNgilandi, kanjani nje? Ingilandi yayiwanquma amakhanda amakhosi anenkani, ikhanda kuhlotshiswe ngalo eNgilandi.
3. iSilo uDinuzulu
USuthu lwabeka Inkosi uDinuzulu eseyibhungwana ko 16 weminyaka, owabe eseyiphaka maduze ibheke kwaMandlakazi
“Umkhanguli wejozi phansi kweTshana”.
Wehlulwa uMandlakazi ehlulwa uSuthu luhlasela namaBhunu, wabalekela kwelabaMhlophe.
Uthe esefuna ukubuya, abamhlophe bababiza babahlalisa phansi ukuthi ababhekelele ukuthula kwaZulu. Amaminithi akulomhlangano ayajuveza ukuthi uZubhebhu wathi kuDinuzulu, lempi oyilwayo awuyazi, uyihlo omncane nguyena owayiqalayo. uMsushwana waseMdletsheni wagcizelela ngokuthi uZibhebhu akahloniphe Inkosi yakhe uDinuzulu, waze wathi uZibhebhu wena uyinja kaDinuzulu.
Kwathi kungafikwa nje kwaNongoma, wavukela eMdletsheni uZibhebhu, esethi Msushwana nayi inja yakho isifikile, wambulala khona lapho. Wagana unwabu uDlothovu wayogqisha kwaCeza emgedeni, wazishaya indiva izivumelwano zokuhlonipha abamhlophe. Bazama ukuyomkhipha nokumdubula behluleka
“Umhlavu zamdela zashaya amagatsha emithi kwaCeza”
Base bebiza uZibhebhu noHhamu ukuthi abazobeka amadlangala abo eduze neNkantolo yabo kwaNongoma ngoba besaba ukuthi uDinuzulu mhlampe uhlomele bona abamhlophe, befuna uZibhebhu noHHamu bavikele ihhovisi likaMantshi wabo.
Yasuka ke impi kaMamonga kwaCeza, ihamba namabhunu futhi iphikelele kwaNdunu, yafike yedlula lapho kuhlala khona umantshi omhlophe, yaqonda uMandlakazi yacoboshisa lawomabutho ayelapho angemangakanani, yaphinde yayoqotha imbokodo nesisekelo emabuthweni akwaNgenetsheni kude buduze nalapho. USuthu lwaluyalelwe ukuthi angabathinti abelungu esakhiweni semantshi.
Yingakho ke “Usilwa nankunzi mbili, enye ngeyakwaNgenetsheni enye ngeyaseBhanganoma” aka nakho ukuhlabana okubhekiswe kwabamhlophe, iningi lezibongo zikaMamonga ngezezimpi zakhe nobaba omncane wakhe, hhayi zokugwaza abamhlophe.
Emva kwalempi waboshwa oweNkosi iminyaka eyishumi yonke. Mhla ebuyayayo kwazama oBhambada ukuvukela umbuso, waphinde waboshwa futhi uDlothovu kabhekeki ukuthi wabasiza abashokobezi.
USolomon uzamile kakhulu ukulungisa loluqhekeko, wakha inkatha kaZulu ebifaka phakathi abantwana bazozonke izindlu, ezinye izibongo zikayise wavala ukuthi zisetshenziswe ngoba zithuka uMagasa zimbiza ngenja. Njengoba senza nje thina nanamuhla.
UMandlakazi uqhubekile emuva kwalokho ukudlala indima yakhe yendlu yaseKhohlwa, ngesikhathi kunombango kaThandayiphi noBhusha bakaSolomon, uMandlakazi wamukela UBhusha kwaMandlakazi, bameseka ecaleni waze walinqoba.
UBhejani mhla ebekwa kuthiwa wangena ebanjwe uPhumanyova kaBhokwe kaZibhebu esibayeni.
Ukuvuselelwa kwemikhosi ebalulekile yaseNdlunkulu ngesikhathi sikaMdlokombane bekuholwa uMntwana kaNqama walaphaya kwaMandlakazi.
Ngebhadi elikhulu uMagasa usathukwa nanamuhla, ezikhulwini ezingu 13 zokuqala ezathatha ubuChiefu ngathi nguye yedwa owabuthatha. Kwalandela eziningi izikhulu phakathi oMnyamana noZiwedu nabanye…
Izibongo zikaDinuzulu zithi:
“Mlomo ungawodwana sukuma uzikhulumele
Uyayibona imilomo ngamibili iyavunana phakathi nezwe,
Kuvunana uZibhebhu noHhamu,
Kuvunana uZiwedu noMnyamane”
Bonke laba base befunge ukuthobela amangisi,
Ihubo liyagcizelela
“Wena useMatheni
Wena esekuShumayeleni
Abantu bathu umkhosi abawuzwanga
Zifunda nithuleleni
Luyamemeza uSuthu”
Lapha uMamonga wayengasahlonishwa muntu izikhulu sezihlonipha ingilande, namaBhunu abangani bahle bamhlamuka enza izivumelwane neNgilande.
Izinkomba zokuthi abantu abangambukanga ngempela kwaze kwaba sekugcineni bancane kakhulu, futhi babulawa, abanye baboshwa noma balahlekelwa umhlaba wabo
Njengalaba:
Bhambatha kaMancinza- wafa/wabaleka wayofela eMozambique umholi wabashokobezi empini yaMakhanda
Sgananda – wafela ejele eboshelwa eyaMakhanda
Chakijana – waboshwa kweyaMakhanda
Sitheku kaMpande – waboshwa uhlaba wanikezwa abakwaMpungose
Ntabatha kaMqundanr eNjikini- waphucwa umhlaba wanikwa amabhunu, wakhonjwa kuMantshi takwaNgenetsheni
Somcuba eNjikini – waboshwa eNewcastle kweyaMakhanda
Akakhululwe alale ngokuthula noMagasa wawenza amaphutha, mhlawumbe amabi kakhulu, kodwa wayengaphansi kwengcindezi yokuthi wayeseke wahlaselwa abakwabo naye.
Kuyayilimaza indlu yakwaMandlakazi ukuthi ukhokho wayo ithukwa ngaye nanamuhla, ekubeni yona lendlu isikhonze yonke leminyaka eNdlunkulu, futhi izilo, kusuka kuMqwalajuba ziyihloniphile lendlu zasebenzisana nayo kuze kuyofika kuBhenjane. Yithina nje bangaphandle esivutha umlilo wenzondo kakhulu ngezindaba ezindala.
Njengoba sazi ke miningi imibono ngaloludaba kodwa njengosomlando osemncane kuwumsebenzi wethu ukucinga ulwazi silubeke obala bese umuntu ezithathela uhlangothi afuna ukuluthatha.
Ngiyojabulela ukunamukelwa kwaNongoma nizovakasha, sikhone nokukukhombisa ukuthi uMandlakazi wayelapha, uNgenetsheni elaphaya, uSuthu lwaqhamuka laphaya namaBhunu.
Nina beSilo, angithobeke ngehlele ngezanzi ngikuvume ukuthi sonke sosafunda kulendlela yomlando wakwethu.
Download For More
