Izigaba zemicimbi yeSintu eyenzelwa intombazane

Izigaba zemicimbi yeSintu eyenzelwa intombazane

Izazi zamasiko esiZulu endulo zaziyihlukanise kathathu imicimbi eyabe yenzelwa intombazane ngokwezigaba edlula kuzo ngesikhathi ikhula ize ibe sezingeni lobukhosikazi. Lapha kufaka phakathi ukwenzelwa idili lomhlonyane, umemulo kanye nomkhehlo.

Le micimbi yayenziwa ngabazali, wumndeni noma yizihlobo eziqavile zentombazane. Ngokwemiyalelo yezincithabuchopho emasikweni esiZulu lokhu kwenziwa ngokulandelana. Kuqala uMhlonyane, kulandele uMemulo, kugcine uMkhehlo.

 

Ngokulandisa kwezazi zamasiko, umhlonyane wenziwa phakathi kweminyaka eyishumi nambili (12) kuya kweyishumi nanhlanu (15). Intombazane iyona efikelwa yilesi sigaba bese ibikela umndeni ngokuyehlele, kwazise phela isuke ingakaze izibone empilweni yayo ifikelwa yileso sikhathi sayo. Emndenini ixoxela unina, uma engekho ukhona lo emethembayo, ibikela lowo, bese kuthi unina wayo abikele abomndeni ikakhulukazi abesifazane. Labo besibhuda sebeyayiyala-ke intombazane ngenqubekela phambili, bayitshele nokuthi isimo somzimba wayo sizoshintsha. Ngaleso sikhathi iyagonqiswa cishe isonto lonke ihlezi nontanga nano mashiyana-nkundleni bayo imbala. Kulowo muzi gugaywa utshwala, kuhlatshwe okwakuvame ukuthi kube yizinkukhu noma yimbuzi ethi meh!

Isigaba sesibili umemulo, wona wenziwa eminyakeni engamashumi amabili nanye (21) kuya kwengamashumi amathathu nanhlanu (35), intombazane izilondile, ingakaze ihlangane nesoka empilweni yayo.

Lapha umndeni usuke ubonga ukuziphatha kahle kwengane yayo phecelezi 20-first. Khonamanjalo kuphiswa utshwala kuhlatshwe inkomo ethi mo! Usingaye agqokiswe umhlwehlwe wale nkomo ehlatshiwe. Wonke lo msebenzi wenziwa yinhloko yekhaya, le nhloko isuke ibambisene nomdeni wayo. Izakhamizi ziba yinxenye yalowo msebenzi ngenxa yesimemo somndeni. Izihambeli zalo mcimbi ziletha izipho okuvame ukuba yimali, yizitsha nezingubo.

Kayibalwa iminyaka yokwenziwa komcimbi womkhehlo ingqobo nje uma intombazane isilotsholwe. Isuke isisesigabeni sobunkehli, izinsuku zayo zokuyogana zisuke sezisemome. Nakhona kuba nedili likamkhipheni, kukhonjwa ngophakathi. Umndeni walapho inkehli esuke izokwendela khona uba yinxenye yaleli dili, lapho besuke bezohlanganyela khona bebungaze lo mkhosi.

Umcimbi usuke umkhulu ucishe ulingane nomshado njengoba izinsuku zokugana zisuke seziseduze namalungiselelo asuke eseqaliwe. Umkhehlo wenziwa nguyise wentombazane uma isike yathola umntwana kwenye indawo. Kanti uma ithole umntwana lapho ezokwendela khona noma ingakaze ibe naye umntwana ikhehlwa wumkhwenyana wayo lowo esuke izomgana.

Ngokulandisa kwezazi zamasiko imcimbi ngokwalezi zigaba kayiphoqelekile. Ongayenzanga ngeke agule noma futhi ngeke abe namashwa. Ngakho-ke kasikho isidingo sokuthi umndeni uthathe izagila uyoshaya umhlahlo ngenhloso yokuthola amaqiniso kubelaphi bendabuko ngale mcimbi.

Events Calendar

September 2026

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
31
1
2
3
4
5
6
Events for September

1st

No Events
Events for September

2nd

No Events
Events for September

3rd

No Events
Events for September

4th

No Events
Events for September

5th

No Events
Events for September

6th

No Events
7
8
9
10
11
12
13
Events for September

7th

No Events
Events for September

8th

No Events
Events for September

9th

No Events
Events for September

10th

No Events
Events for September

11th

No Events
Events for September

12th

No Events
Events for September

13th

No Events
14
15
16
17
18
19
20
Events for September

14th

No Events
Events for September

15th

No Events
Events for September

16th

No Events
Events for September

17th

No Events
Events for September

18th

No Events
Events for September

19th

No Events
Events for September

20th

No Events
21
22
23
24
25
26
27
Events for September

21st

No Events
Events for September

22nd

No Events
Events for September

23rd

No Events
Events for September

24th

No Events
Events for September

25th

No Events
Events for September

26th

No Events
Events for September

27th

No Events
28
29
30
1
2
3
4
Events for September

28th

No Events
Events for September

29th

No Events
Events for September

30th

No Events