Owakini umuzi unalo yini igama?

KUSADLIWA ngoludala imizi yamadoda yabe ihlukaniswe yimifula nezintaba. Yayakhe iyisidlidli ndawonye noma yakhe igqagqane emathafeni phezu kwemifula igudle izintaba lapha nalaphaya.

Nakuba zazifika izikhathi lapho abantu ababehlala kuleyo mizi babexabana ngenxa yezimpi zemibango eyahlukahlukene ezindaweni abakhe kuzo kodwa babebuye bakhumelane umlotha maqede bahlale ngokuthula.

Babebukhuthaza kakhulu ubuhlobo nenhlalakahle emphakathini. Babenezimfundiso ezinhle  kubantwana babo. Babe-bagqugquzela abantu  abasha ukuba badlule kahle ezigabeni zabo zokukhula.

Imizi yayehlukene  ngezibongo  zayo. Leyo mizi yabe iqanjwe ngamagama yilowo nalowo mndeni ohlala kulelo khaya. Lokho kwakwenza kube lula ukwehlukanisa umuzi komunye nomunye. Eminye yaleyo mizi yayifana ngezibongo kepha yehlukaniseka kalula ngamagama ayo. Igama lomunye umuzi lalingefani neze nelomunye umuzi. Isekhona nanamuhla imizi enamagama ngale kwezibongo.

Ngokocwaningo olwenziwe wumbhali walesi siqephu uwodwa vo umuzi onegama lawo emizini eyishumi eyakhile endaweni. Kuyavela kulolu cwaningo ukuthi kulezi zinsuku zanamuhla le mizi isihlukaniswa ngamagama ezingane zakulowo muzi esikhundleni segama lomuzi.

Isibonelo salokho umuntu athi “Ngisavakashela kwaCele kubo kaSenamile,” esho igama lengane yakwaCele, kwazise phela mininingi imizi yakwaCele kuleyo ndawo. Owakini umuzi ingabe unalo igama lawo na?

Abanye abantu  babesebenzisa igama lomuzi kakhudlwana kunesibongo. Kungashiwo  namanje ukuthi basekhona abantu abasadla ngoludala okuselula kubo ukuthi ubathole bethi, “Loya muzi kukwaSimelane kwaNwelezomuntu,” besho igama lalowo muzi.

Izibongo zemizi nezithakazelo zawo zimi kanje: ukubala ezimbalwa Mchunu ninabakoMacingwane, Skhakhane ninabakoMboma, Mthethwa ninabakoNyambose Mthembu ninabakoMvelase. Kanti namagama emizi nawo ayemi kanje: Salabenabe, Munt’unginikani, Dakwadunuse, Mpilisweni njll. Lokhu kuqanjwa kwemizi ngamagama kakuvamile neze ukuthi kubonakale emizini eyakhe esilungwini njengoba sekuphelelwa nayisikhathi emakhaya asezabelweni.

Kungenzeka ke futhi ukuthi lokhu kuncipha kwalomkhuba kungumphumela wokuthi abamnumzane abalithatheli phezulu isiko lokukhipha izinsizwa zabo imizi, lapho ke obekuba yithuba lokuthi leyonsizwa ekhishwa inxiwa bese iqamba umuzi wayo igama, kudliwe kuphuzwe kubuswe emuzini omusha.

Amagama lawa ebevame ukuqanjwa ngezigameko ezenzeka kuyo noma ezenzeka emzini lapho kuphunywa khona, ingabe kuphunywa kukuhle noma sekunokukhuluma okubi. Nanka amagama emizi edumile kulezizinsuku zanamuhla:

  • KwaPhindangene (kwaButhelezi)
  • KwaDwakudunuse (kwaZulu)
  • KwaKhethomntgandayo (kwaZulu)
  • ENyokeni (KwaZulu)
  • ONdini (kwaZulu)
  • kwaNodwengu (kwaZulu)
  • EBanganoma (kwaZulu)
  • KwaKhangelamankengane (kwaZulu)
  • EkuShumayeleni (KwaButhelezi)
  • kwaDlamahlahla (KwaZulu)

Sibonge, nina BeNdlovu enamandla.

Events Calendar

September 2026

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
31
1
2
3
4
5
6
Events for September

1st

No Events
Events for September

2nd

No Events
Events for September

3rd

No Events
Events for September

4th

No Events
Events for September

5th

No Events
Events for September

6th

No Events
7
8
9
10
11
12
13
Events for September

7th

No Events
Events for September

8th

No Events
Events for September

9th

No Events
Events for September

10th

No Events
Events for September

11th

No Events
Events for September

12th

No Events
Events for September

13th

No Events
14
15
16
17
18
19
20
Events for September

14th

No Events
Events for September

15th

No Events
Events for September

16th

No Events
Events for September

17th

No Events
Events for September

18th

No Events
Events for September

19th

No Events
Events for September

20th

No Events
21
22
23
24
25
26
27
Events for September

21st

No Events
Events for September

22nd

No Events
Events for September

23rd

No Events
Events for September

24th

No Events
Events for September

25th

No Events
Events for September

26th

No Events
Events for September

27th

No Events
28
29
30
1
2
3
4
Events for September

28th

No Events
Events for September

29th

No Events
Events for September

30th

No Events