
Owakini umuzi unalo yini igama?
KUSADLIWA ngoludala imizi yamadoda yabe ihlukaniswe yimifula nezintaba. Yayakhe iyisidlidli ndawonye noma yakhe igqagqane emathafeni phezu kwemifula igudle izintaba lapha nalaphaya.
Nakuba zazifika izikhathi lapho abantu ababehlala kuleyo mizi babexabana ngenxa yezimpi zemibango eyahlukahlukene ezindaweni abakhe kuzo kodwa babebuye bakhumelane umlotha maqede bahlale ngokuthula.
Babebukhuthaza kakhulu ubuhlobo nenhlalakahle emphakathini. Babenezimfundiso ezinhle kubantwana babo. Babe-bagqugquzela abantu abasha ukuba badlule kahle ezigabeni zabo zokukhula.
Imizi yayehlukene ngezibongo zayo. Leyo mizi yabe iqanjwe ngamagama yilowo nalowo mndeni ohlala kulelo khaya. Lokho kwakwenza kube lula ukwehlukanisa umuzi komunye nomunye. Eminye yaleyo mizi yayifana ngezibongo kepha yehlukaniseka kalula ngamagama ayo. Igama lomunye umuzi lalingefani neze nelomunye umuzi. Isekhona nanamuhla imizi enamagama ngale kwezibongo.
Ngokocwaningo olwenziwe wumbhali walesi siqephu uwodwa vo umuzi onegama lawo emizini eyishumi eyakhile endaweni. Kuyavela kulolu cwaningo ukuthi kulezi zinsuku zanamuhla le mizi isihlukaniswa ngamagama ezingane zakulowo muzi esikhundleni segama lomuzi.
Isibonelo salokho umuntu athi “Ngisavakashela kwaCele kubo kaSenamile,” esho igama lengane yakwaCele, kwazise phela mininingi imizi yakwaCele kuleyo ndawo. Owakini umuzi ingabe unalo igama lawo na?
Abanye abantu babesebenzisa igama lomuzi kakhudlwana kunesibongo. Kungashiwo namanje ukuthi basekhona abantu abasadla ngoludala okuselula kubo ukuthi ubathole bethi, “Loya muzi kukwaSimelane kwaNwelezomuntu,” besho igama lalowo muzi.
Izibongo zemizi nezithakazelo zawo zimi kanje: ukubala ezimbalwa Mchunu ninabakoMacingwane, Skhakhane ninabakoMboma, Mthethwa ninabakoNyambose Mthembu ninabakoMvelase. Kanti namagama emizi nawo ayemi kanje: Salabenabe, Munt’unginikani, Dakwadunuse, Mpilisweni njll. Lokhu kuqanjwa kwemizi ngamagama kakuvamile neze ukuthi kubonakale emizini eyakhe esilungwini njengoba sekuphelelwa nayisikhathi emakhaya asezabelweni.
Kungenzeka ke futhi ukuthi lokhu kuncipha kwalomkhuba kungumphumela wokuthi abamnumzane abalithatheli phezulu isiko lokukhipha izinsizwa zabo imizi, lapho ke obekuba yithuba lokuthi leyonsizwa ekhishwa inxiwa bese iqamba umuzi wayo igama, kudliwe kuphuzwe kubuswe emuzini omusha.
Amagama lawa ebevame ukuqanjwa ngezigameko ezenzeka kuyo noma ezenzeka emzini lapho kuphunywa khona, ingabe kuphunywa kukuhle noma sekunokukhuluma okubi. Nanka amagama emizi edumile kulezizinsuku zanamuhla:
- KwaPhindangene (kwaButhelezi)
- KwaDwakudunuse (kwaZulu)
- KwaKhethomntgandayo (kwaZulu)
- ENyokeni (KwaZulu)
- ONdini (kwaZulu)
- kwaNodwengu (kwaZulu)
- EBanganoma (kwaZulu)
- KwaKhangelamankengane (kwaZulu)
- EkuShumayeleni (KwaButhelezi)
- kwaDlamahlahla (KwaZulu)
Sibonge, nina BeNdlovu enamandla.

