Ngokukhulu ukuhlonipha sihlalile sathula sabukela indaba yaseNdlunkulu isixoxwa ngezithangami zabezindaba, sisadabukile ngaphakathi kuze kube manje. Izizwe zisibuza njalo njalo ukuthi sekwenzenjani ngobukhosi benu enibuthanda kangaka, nenihlala nisiqhoshela ngabo?

Siqale sacasha ngokuthi akukusha ukuthi kube nombango wesihlalo kwazulu, kusukela kuMjokwane ebanga noMkhazane kuze kube nguye uBhejane eyofihlwa eMaNdebeleni bekuhlale kubangwa, iqiniso ukuthi lokhu sekuthe ukwehluka ngoba ubukhosi bukaZulu sebakhosoza ngaphansi kukaHulumeni, futhi bunikezwa izinsizakusebenza (resources) nguye uHulumeni wentando yabantu belu.

Cha, njengomthandi wobukhosi bakithi kwaZulu, ngithi angibeke ukubuka kwami, ngibekela ukuthi nalabo ababheke thina njengoSomlando abasebancane abayintsha nabathanda ubukhosi babo, ukuthi sikhulume ukuze kube nomhlahlandlela nokuhlalela ethembeni.

Ngizothinta ngaphansi kwalezizihlokwana:

  • Intando yabantu nokubekwa kwenkosi
  • Intando yabantu nesikhundla sikandunankulu
  • Ukuphumelela kohlangothi thizeni (A/B) kushoni kithi
  • INdlu nobukhosi basoSuthu obukaZulu wonkana

Akusimangazanga thina nabaningi ukuthi iMbube mayebuza iye yakhomba isihlalo sayo kwaKhangela, angithi abadala basitsheba ukuthi iNdlunkulu elotsholwe yisizwe isuke izoba umama wesizwe futhi izozalela isizwe inkosana. Ukuphakana kweNkosana uMisuzulu njengekhosi kuthokozelwe isizwe sonke, futhi kwasesula izinyembezi zosizi lokushonelwa yilanga emini bese lilanda neNdlovukazi uMtanenkosi maduze.

‘Omise amazulu ungumesuli wezinyembezi zikaZulu’.

Zithe maziqala igameko zomdonsiswano sazitshena ukuthi iNdlunkulu ibisikhathele ukuholwa nokwengamelwa uMntwana wakwaPhindangene, sike sezwa nokuthi ngathi kunokungabahloniphi Abantwana uma ephethe izinkonzo nemihlangani thizeni eNdlunkulu. Siye sacabanga ukuthi bebefuna ukuqala indlela entsha ngaphandle kwesithunzi sakhe, ngoba phela singephike ukuthi kuke kwangena amagciwane ePolitiki ngokuba khona koMntwana uShenge eNdlunkulu. Nanokuthi kuke kwaba nokubhanqeka koBuzulu neNkatha Freedom Party.

Ngeke sikunanaze ukuthi lokhu kwakungamele kwenzeke. Futhi ke, mhlawumbe ngabe abukho lapha bukhona ubukhosi ukube wayengekho okaShenge namagalelo akhe kwezePolitiki. Singekufihle ukuthi umbango ngoZulu ukhona phakathi kwe-ANC ne-IFP, futhi ke lokhu kufake iSilo ezinkingeni ezinkulu ngoba phela inkosi, iyinkosi yabobonke, noma ngabe bayiliphi iqembu lezombusazwe.

Nami khona bengicabanga ukuthi cha okaMnyamane akabayeke eNdlunkulu bagaye bazidlele, kodwa manje senginokuthuka ukuthi izinyane leNdlovukazi uMantfombi ngabe lilelwa ubani ukube okaShenge akekho, ngabe ngempela intandane yeSilo ime yodwa ezindlini zakwabo? Ngibe sengithi ke, cha akaqhubeke uMntwana wozondwa lwakithi ekuShumayeleni aqhoqhobale izindaba zemizi yabantu kuze kusumeZONKE Izindlu zozalo lukaJama kaNdaba ngoba zisekhona phela.

Imithetho yentando yabantu kungenzeka ingasivuni iSilo sabantu uMisuzulu.

Ubukhosi neNtando yeningi

  1. Mangizwa ke, kuthiwa uma kufika umthetho wentando yabantu, kwabuyekezwa ukukhethwa kwenkosana, kwathiwa “umndeni uyohlangana uvumelane ngokuvota ukuthi ubani okumele abe yinkosana”. Lokhu ke kwakugqiba amalungelo umuntu awathola ngokuthi uzalwe kuqala noma uzalwe eNdlunkulu noma eKhohlwa.

Leliphuzu ke linikeza laba abaphikisa ukuphakanyiswa kukaMisuzulu njengenkosi. Lendaba ke uma iya ezinkantolo ingahle ifike inikeze ama kuBantwana abathi umndeni kumele uhlangane udingide ukuthi ufuna bani.

  1. Okwesibili, kuthiwa ngesikhathi kuxoxwa ngezindaba zobukhosi noHulumeni wabantu, isikhundla sika Ndunankulu sabuzwa ukuthi sime kanjani, nokuthi uShenge owayesibambile ngaphansi kukaHulumeni wobandlululo besinaso yini isabelo ezimalini, kuthiwa uMntwana wakwaPhindangene wakuveza ukuthi ubekhonza nje, engakhokhelwa. Ngakho ke, lesisikhundla akusona isikhundla esikhona ngokwamabhuku entando yabantu. Esikhona emthethweni yilesi sikaNdunankulu uZikalala.

Leli ke ngelinye iphuzu elingenza ukuthi uma kuyiwa ezinkantolo, bawuchithe, futhi uchitheke umsebenzi kaShenge wokubheka iSilo esihlalweni. Ngicabanga ukuthu yingakho uMnumzane uZikalala ezophoqeka ukuyinaka futhi ayinakisise lemibono yokuphakanyiswa kwe “Second Candidate”.

NgengoZulu sekumele sifake izibuko ezimbili, ezesiko nenkambiso kaZulu, bese kuba yilena kaHulumeni wentando yabantu. Ngizobuya kulezizibuko ezimbili ngasekugcineni.

Ngo 1994, izinkinga ezinjena zake zabheduka lapho kwavuka abantu bazibiza ngomkhandlu kukhona nabantwana baseNdlunkulu befuna ukubonana nomeNgameli wezwe ngezikhalazo zokuziphatha kweSilo uZwelithini. UMdlokombane wabe esebumba elakhe ithimba lesigungu elalifaka aBantwana namaChiefu ezinye izindlu zakwaZulu, ukuthi yibona abayisigungu sobukhosi bukaZulu.

Kulesisikhathi kuyangikhathaza ukungaveli kweZindlu sobukhosi bakwaZulu ziqhame zithatha indawo yazo zibeka imibono yazo. Amandla alesisigungu esabekwa nguMdlokombane ashonaphi. Phela isihlalo seNdlu yasoSuthu esikaZulu wonkana, asikwazi ukuxoxwa ixhiba likaBhusha kuphela.

Okukhathayo, sekubonakala kuyimpi kaShenge elwa nabaNtwana ababonakala beholwa uMntwana uThembi noMntwana uMbonisi.

Indlu yasoSuthu, ingaqhubeka idonse njengoba idonsa nje, ivote, ithathe nezinqumo, LOKHU KUYOBE KUSHO UKUFA KUKAZULU njengegugu lethu sonke. Ezinye izindlu zikaZulu singakwenza lokho, zithathe zibeke, zivote zodwa ngokuthanda kwazo zibeka amakhosi (amachief) obukhosi babo. Indlu yasoSuthu ayikwazi ukuphathwa kanjalo ngoba isihlalo seMbube singaphezu kwalezi ezinye izindlu, futhi sibusa ngaphezu kwazo. Yisona kuphela ebesingaphaka impi kazulu kuphume amabutho eMatheni, kwaMandlakazi, OGagwini njalo njalo. Lokho kusho ukuthi iSilo esiseHlalweni asikwazi ukudingidwa izindlu zesende likaBhusha kuphela.

Yebo uSuthu lunawo amalungelo okuvalela zonke ezinye izindlu ngaphandle luthathe izinqumo zalo kodwa lobo bukhosi ngeke buphinde bube ngokukaZulu wonkana. Lamabutho ebesiwabona ethelwe ngezibonkolo ethi awasabi noKhuvethe vele ayefungele ukufela inkosi yawo, ngeke baphinde bawathole.

Angigoqe ngalamaphuzu:

  • Izindlu zobukhosi bukazulu, ikakhulukazi lezi ezinomhlabathi (uNodunga, eMatheni, ENgudwini, Ehabeni, oGagwini, kwaNgenetsheni, eNtembeni, kwaMandlakazi, kwaNsimbi naseMnyandlwini), aziphakame ixesha lifikile, futhi zibamandla okufike zithi, uShenge, phumula kancane Ndaba sithi ukuyilungisa lendaba, zibeke inkosi, bese ziyaqhela futhi, aqhubeke uShenge kuze kube iSilo sikhetha owaso uNdunankulu.
  • Uma, iNdlunkulu ingakuvumi lokho, iqhubeka nokubeka eyayo inkosi, kabaqhubeke aBantwana umthetho uyabavumela, noma isiko lingavumi. Futhi kulindwlekile ukuthi lesosihlalo yisona uHulumeni azosinika isikhwama. Lokho kuyosho ukuthi lona ozovekwa izindlu Zonke zikaZulu ngeke abe naBudget kodwa uzoba nezinkumbi zezigidigidi zikaZulu wonkana.
  • Mhlawumbe sekuyisikathi sokuthi siqale kabusha, phecelezi, reset the clock. Mhlawumbe isikhathi sifikile ukuthi ubukhosi bukaZulu bungahambi ngeBudget kaHulumeni, bubuyele kubantu babo. Uma uZulu akwazi ukulobolela uMdlokombane ngezinkomo ezibheke emakhulwini amabili. Kusho ukuthi abadala basenayo inhliziyo nothando lokukhonza isihlalo.
  • Kodwa umsebenzi usemuningi ukushela intsha yamaZulu ukuthi izifele ngoZulu, ngikhumbula iMbube icela iminikelo ka R5 ukulwa abacala ezinkantolo, akaze ngibone sidingo sokuzihlupha ngoba bengingazi ukuthi ubuKhosi bungenzelani njengomuntu omusha wakwaNongoma. Umsebenzi omkhulu wokuxhumana nentsha uhlalele ubukhosi. (A serious PR campaign to engage the youth)

Yizo izibuko ezimbili lezi engikhulume ngazo, UZulu kumele azibuze ukuthi ukulungele yini ukuzikhulula emaketangweni kaHulumeni asebenzisane nawo hhayi ngaphansi kwakhe, ngoba kungenzeka kulokhu amandla kaHulumeni abuhlakaze abuqede ukukhosi bukaZulu. Sigcine nathi sesinamaqoqwana obukhosi obuncane lapha nalaphaya, sikhumbule ukuthi yilona qhinga iNgilande eyayilifuna ngo 1879 uma ibeka amakhosi angu 13, behlisa neSilo uCetshwayo saba yiChiefu masibuya eNgilande ukuyithetha amacala.

Singakhohlwa ukuthi angeke sikwazi ukulwelwa umhlaba weNgonyama Trust uma isihlalo soSuthu sekungeseNdlu yasoSuthu kuphela, kungasesiso esikaZulu wonkana.

Angilubeke lapha usiba lokuloba, lendaba iyesinda, nathi siphoqwa ukubuthanda ubukhosi bethu yingakho sikhathazekile.

Events Calendar

August 2026

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
27
28
29
30
31
1
2
Events for August

1st

No Events
Events for August

2nd

No Events
3
4
5
6
7
8
9
Events for August

3rd

No Events
Events for August

4th

No Events
Events for August

5th

No Events
Events for August

6th

No Events
Events for August

7th

No Events
Events for August

8th

No Events
Events for August

9th

No Events
10
11
12
13
14
15
16
Events for August

10th

No Events
Events for August

11th

No Events
Events for August

12th

No Events
Events for August

13th

No Events
Events for August

14th

No Events
Events for August

15th

No Events
Events for August

16th

No Events
17
18
19
20
21
22
23
Events for August

17th

No Events
Events for August

18th

No Events
Events for August

19th

No Events
Events for August

20th

No Events
Events for August

21st

No Events
Events for August

22nd

No Events
Events for August

23rd

No Events
24
25
26
27
28
29
30
Events for August

24th

No Events
Events for August

25th

No Events
Events for August

26th

No Events
Events for August

27th

No Events
Events for August

28th

No Events
Events for August

29th

No Events
Events for August

30th

No Events
31
1
2
3
4
5
6
Events for August

31st

No Events