UMthaniya – “Kwelika Mthaniya”

UMthaniya – Kwelika Mthaniya

Kuvamisile ukuthi isizwe sakwaZulu sibizwe ngokuthi esika-Mthaniya noma kuthiwekwelika-Mthaniya”. Kubalulekile ukwazi umsuka waleligama njengoba kujwayelekile ukuba libe solimini kwabaningi. UMthaniya kaManyelelakwakuyintombi ezalwa kwaSibiya. Wayezalwa nendlovukazi uSikhombazane kaManyelela wakwaSibiya owayegane inkosi uJama kaNdaba.

UNdlunkulu uSikhombazane kaManyelela kanye nenkosi uJama kaNdaba bathola izingane ezazingamawele amantombazane okwakungu Mmama kaJama kanye noMkabayi kaJama. KwaZulu amawele ayebizwa ngokuthiamakhosi noma izilwane, lokhu kwakuholela ekubulaweni kwewele elilodwa. Lokhu kwaguquka mhla uJama kaNdaba ethole amawele kanye nondlunkulu, wayesethi uJama kaNdaba abantwana bakhe ngeke babulawe. UNdlunkuluuSikhombazane washeshe wadlula emhlabeni akabangeesayithola inkosana eyayizolungela ukuhlala esihlalweni uma inkosi uJama kaNdaba ekhothama.  

Emuva kokudlula emhlabeni kukaNdlunkulu uSikhombazane,uMkabayi kaJama wakhathazeka ukuthi uma inkosi uJama kaNdaba ekhothama ayikho inkosana eyothatha ubukhosi. Kanti zazingekho nezimpawu zokuthi inkosi uJama uyothatha enye indlovukazi ngoba kuthiwa wayengamningi kubantu besifazane. Kwaba iwona amawele uMmama no Mkabayi ababonisa inkosi uJama kaNdaba okwakunguyise wabo ukuba athathe uMthaniya kaManyelela wakwaSibiya amenze indlovukazi.

Emuva kokubonisana bavumelana ukuthi uMthaniya uzoba indlovukazi. UMmama kanye noMkabayi baziyela mathuphabafike bashela uMthaniya ukuba agane inkosi uJama kaNdaba. Isizathu salokhu ukuthi uMthaniya babemubona njengowesifazane oqotho kanti wayeyiNtungwa Nguniokuyinto eyayibalulekile.

Wagcina evumile uMthaniya ukuba indlovukazi emuva kwesikhathi edla amathambo engqondo ngaloludaba. Emuva kokugcagca, indlovukazi uMthaniya wazithwala, wase ebeletha umntwana wakhe wokuqala okwaba indodana. UJama kaNdaba wathokoza kakhulu ukuzwa lezi zindaba wayesethi kumadodakazi akhe uMmama kanye noMkabayi “senze ngakhona ukuba uMthaniya simulethe lapha” okwabe sekuphuma igama lendodana okwaba uSenzangakhona. USenzangakhona kaJama yena owazala iLembe inkosi uShaka eyithola kwindlovukazi uNandi kaBhebhe waseLangeni.

Isizwe sakwaZulu sasesibonga saphinde sahlonipha indlovukazi uMthaniya ngokuba igcine esibelethweni sayoindodana eyayizobusa ihlale esihlalweni sobukhosi. Isizwe sasesibona indlovukazi uMthaniya njengomuntu oyigugunovuse umbuso wakwaZulu wamangezinyawo. Kwase kuthiwa elikaMthaniya izwe ngoba uthole inkosana emuva kokushabalala kwamathemba okuthi izoba khona eyothatha ubukhosi ibuse izwe. Lokhu kwasekuholela ekutheni isizwe sibizwe ngokuthiwaesika-Mthaniya” njengoba kuze kube namhlanje kusabizwa kanjalo.

Events Calendar

September 2026

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
31
1
2
3
4
5
6
Events for September

1st

No Events
Events for September

2nd

No Events
Events for September

3rd

No Events
Events for September

4th

No Events
Events for September

5th

No Events
Events for September

6th

No Events
7
8
9
10
11
12
13
Events for September

7th

No Events
Events for September

8th

No Events
Events for September

9th

No Events
Events for September

10th

No Events
Events for September

11th

No Events
Events for September

12th

No Events
Events for September

13th

No Events
14
15
16
17
18
19
20
Events for September

14th

No Events
Events for September

15th

No Events
Events for September

16th

No Events
Events for September

17th

No Events
Events for September

18th

No Events
Events for September

19th

No Events
Events for September

20th

No Events
21
22
23
24
25
26
27
Events for September

21st

No Events
Events for September

22nd

No Events
Events for September

23rd

No Events
Events for September

24th

No Events
Events for September

25th

No Events
Events for September

26th

No Events
Events for September

27th

No Events
28
29
30
1
2
3
4
Events for September

28th

No Events
Events for September

29th

No Events
Events for September

30th

No Events