AmaHlubi nobuNgonyama

Inkosi Mzwenkosi Hadebe (kwesokudla)
Inkosi Mzwenkosi Hadebe (right). Picture: Nhlanhla Gumede

Kuyakhuthaza ukubona isizwe samaHlubi sikhuthalele ubukhosi ngalendlela, ngokwami ngiyafisa ukubona zonke izizwe zikushisekela kanjena ubukhosi bazo. Izizwe zomdabu azingahlali zilindela ukukhangeza kuHulumeni. Amagalelo akhombisa ukuthi sikulambele ukubusa phezu kwezizwe zethu, singalindeli ukubuswa ngabezizwe kuzenza siziqhenye.

Nakuba kunjalo ke, ngikuthola kuwukugagamela ukuthi AmaHlubi afuna ubuNgonyama, izizathu engizizwayo okwamanje yilezi, esokuqala ukuthi “AmaHlubi awakaze akhonze ngaphansi kukaZulu”, esesibili sithi “banezizwe eziningi ngaphansi kwalobubukhosi”. Inkulumo yami ke izophawula kulokudaba ngokubhekelela lezizizathu ezimbili.

Ukuwa nokuhlakazeka kwamaHlubi

Uma sihlehla nomlando sithola ukuthi isizwe samaHlubi sasisikhulu impela ngapha enyakatho, emuva kokusuka ngasezintabeni Zobombo singena maphakathi nezwe silandela ngemuva kwabeSotho. Sikhule kakhulu saba yisibonelo ezizweni ezinkulu, kangangokuthi isigodlo saseLudzidzini eSwatini saqanjwa ngokubonela kuwo amaHlubi oDidini. Siyathola nokuthi inkosi yaBathethwa uGodongwane yafunda luningi khona, ngokuvakashela khona koBhungane, kwaze kwaqanjwa izinyane lenkosi ngokuthi  uMthethwa. UGodongwane wayephelezelwa nguSisiyana waseMaqungebeni (UMgumanqa) ongomunye owayefakaza ngokwazi inkosi uBhungane. Singasho sithi ubukhulukazi balobubukhosi babonakala ngoBhungane base buwa ngokukhothama kwenkosi uMthimkhulu II kaBhungane.

Emuva kwalamandla angaka inkosi yamaHlubi, uMthimkhulu II kaBhungane, wabulawa ngamaNgwane okwaba yisehlakalo esibi kakhulu koBhungane, ngoZwekufa. Ukusuka lapha amaHlubi asakazeka izwe lonke, kwaphinde kwama nemibango eminingi yangaphakathi yesihlalo nomhlaba ngaphakathi, ngiso nomalube baseNdlunkulu babelwa nayo indlunkulu. Nakuba ukufa kweNkosi kungakhonjwa kuMatiwane wamaNgwane, kodwa okulandela lapho AmaHlubi mele azinuke amakhwapha. Basakazeka kanjalo ke uBungonyama bamaHlubi.

Nakhu okunye ukuhlakazeka esingakubalula kwamaqembuqembu ezindlu zamaHhlubi:

  • Umntwan’ omkhulu uMahanqa kaBhungane, okunguyena ngempela okwakumele akhombe indlela emva kokukhothama komnewabo inkosi uMthimkhulu II, kodwa wathatha imithwalo walibhekisaMhlongamvula. Lapho wathola izihlobo zakhe, umalume wakhe uMathe kaNdawonde, bamuhlasela wabuyela emuva.
  • Amazinyane: inkosana uDlomo kaMthimkhulu nomfowabo omncane uLangalibalele, bahamba nonina baya komalume uPhuthini. Baze babuya sebelandwa uyiseMncane uMahanqa esebuyele ezweni lakubo.
  • UMpangazitha kaBhungane: omunye umfowabo wenkosi walwa noMatiwane wehluleka wabalekela kwelabeSotho bakaMoshoeshoe. Wabuyeka eNtabamhlophe kamuva wakhotha ngo 1825. Uzalo lukaMpangazitha lwathola ubukhosi eMatatiele, ngaphansi kuka Zibi kaSidinane kaMpangazitha.
  • Abantwana (Ntambama noMananga noMndebele) bakaMthimkhulu namaButho:Amadodana enkosi ahola amabutho ayokhonza kwaZulu ngaphansi kweLembe. KwaZulu lelibutho lafike labizwa ngeZiyendane zikaNandi, ngoba banikezelwa ukuthi babhekelele iNdlovukazi uNandi, nezinduna zabo zaseMaHlubini. Lenxenye yomlando ibaluleke kakhulu ngoba iwumsuka wokugamanxa kukaZulu phezu kwesihlalo samaHlubi. Iziyendane zakhonza kwaZulu kwaze kakhothama iNdlovukazi, zaduba zabaleka kwaZulu zibalekela uShaka zawela iOrange River.
  • UJozi kaNsele: Umfowabo wenkosi uBhungane yena wathwala imithwayo waya kubeSotho, uzalo lwakhe lwaholwa inkosana uSibabo kaMlenge kaJozi kaNsele.

Okubalulekile ukuthi uma ubaleka ezweni lakini, usulidayisile lelozwe, ngeke ubuye uthi uzolithola likulindile. Umbuzo uthi, kukhona yini owabuye wabuqoqa uBungonyama balesisihlalo emvakwalokhu?

Ukulawulwa nokuhlulwa uZulu

Evuma kokubuyela ekomkhulu koMntwna omkhulu uMahanqa kaBhungane, walanda amazinyande enkosi, inkosana uDlomo noMnwawenkosi uLangalibalele. Wabe esebamba isihlalo emambela inkosana uDlomo, kwathi sekumele anikezele ngesihlalo kwaba nezingqinamba, kwaqala umbango, kwathi ibutho elalibuthwe nguye uMahanqa lamhlamuka lasekela inkosana uDlomo, bamhlasela bambulala uMntwanomkhulu. Ngalesisikhathi kwase kuhlezi iSilo uDingane esihlalweni kwaZulu. Wabe esethumela ukuthi inkosana izobika ngokufa kukayise omncane uMahanqa. Kubikwa ukuthi uDingane wambulala uDlomo esefikile kwaZulu ngesenzo kokubulala uMahanqa.

Yilapho kwabe sekuthatha khona uLangalibalele kaMthimkhulu II. Naye owahlaselwa izihlobo nabafowabo befuna isihlano nomhlaba. UMini kaMahanqa, yena wahlasela efuna ubukhosi ethi uyise uMahanqa wazivusela sekuphelile ngamaHlubi, ngalokho ke isihlalo esakhe njenge nkosana kayise. Yena ke wayelekelelwa ngabantu bakaSigonyela bephatha izibhamu namahhashi. Wagcina ehlukekile ukuphuca inkosi isihlalo walibhekisa khona kwelikaSigonyela uMini kaMahanqa.

Okushayela isipikili sokugcina endabeni kaZulu engaphezu kwamaHlubi, ukuthi impi yokugcina yokuxosha AmaHlubi endaweni yokhokho babo, kwaba ukuhlaselwa isilo uMpande. Basinda ngokuthi impi kaMpande eyayizodla izinkomo yabonwa nganhlanhla thizeni isabhacile ebusuku, amaHlubi ashisa utshani akhipha izinkomo. Abaleka lapho ke amaHlubi ehla nezwe alibhekisa kwelabelungu, lapho uSomtswewu wabasikela khona umhlaba inkosi uLangalibalele nomalume wakhe uPhuthini.

Kulomlando omncane engiwulandile lapha kuyavela ukuthi izihlalo eziningi ngaphathi emaHlubini ezawo amaHlubi, zomndeni nezihlobo, nokuba ziyoba khona izinye izizwe zangaphandle kodwa lezi ezangaphakathi aziwanikezi amaHlubi isikhundla sobuNgonyama. Nomlando ucacile ke ngokulawulwa nguZulu, nokuhlulwa uZulu empini. KwelikaMthaniya nje amaHlubi agcina ehluliwe aze acushiswa umbusokazi waseNgilandi. Ukuxabana kweNkosi uLangalibalele nabamhlophe kubangwa izibhamu kwagcina kumqhathe nabo futhi, kwamubophisa ngo 1874, nakhu esehlangana neSilo uCetshwayo ekudingisweni kamuva.

Okunye okuvelayo ukuthi ngesikhathi seLembe izizwe zazingasavumelekile ukuthi zibambe eyazo imikhosi yokweshwama. AmaMbo azokutshena ukuthi iLembe lavumela uZihlandlo inkosi yaMambo KUPHELA ukuthi awenze owakhe umkhosi ngobudlelwane ababenabo. Zonke ezinye izizwe zazingavumelekile. Nakuba kunjalo Amambo awakwazi ukuvuka namuhla afune ubuNgonyama ngoba iSilo uDingane sabehlula sabulala ngenkosi yabo emva kokukhothama kweLembe. AmaHlubi ke wona aqala emva kokukhothama kweLembe ukuvuselela owawo uMkhosi Wokweshwama obizwa ngoGagane, nakhona awubanga namandla washeshe washabalala.

Lokhu ukuphawula kwami kuvulelekile, ukuzwa imibono eyahlukahlukene ngoba okwamanje kolwami uhlango angiboni ukuthi amaHlubi anobufakazi obanele balezizimfuno abazifunayo ezesindayo.

Lomlando engiwuchaphunayo lapha ulandwa ngabantu abathi babekhona impela ngezikhathi zenkosi uMthimkhulu, omunye wawo usemqulwini wesibili kaJames Stuart Archives.

Isezithebeni nina beSilo.

Events Calendar

July 2025

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
30
1
2
3
4
5
6
Events for July

1st

No Events
Events for July

2nd

No Events
Events for July

3rd

No Events
Events for July

4th

No Events
Events for July

5th

No Events
Events for July

6th

No Events
7
8
9
10
11
12
13
Events for July

7th

No Events
Events for July

8th

No Events
Events for July

9th

No Events
Events for July

10th

No Events
Events for July

11th

No Events
Events for July

12th

No Events
Events for July

13th

No Events
14
15
16
17
18
19
20
Events for July

14th

No Events
Events for July

15th

No Events
Events for July

16th

No Events
Events for July

17th

No Events
Events for July

18th

No Events
Events for July

19th

No Events
Events for July

20th

No Events
21
22
23
24
25
26
27
Events for July

21st

No Events
Events for July

22nd

No Events
Events for July

23rd

No Events
Events for July

24th

No Events
Events for July

25th

No Events
Events for July

26th

No Events
Events for July

27th

No Events
28
29
30
31
1
2
3
Events for July

28th

No Events
Events for July

29th

No Events
Events for July

30th

No Events
Events for July

31st

No Events