Kuthe ngesikhathi seSilo uMsimude kweqa abafana bangena eSigodlweni kwaNodwengu bahamba bayozithola ngoMndlunkulu weSilo (izintombi zesigodlo) zafika izindaba eSilweni kanye noNdunankulu wakhe uMasiphula kaMamba wakwaNtshangase. Balandwa abafana bezothetha icala kwatholakala ukuthi phakathi kwabo kukhona nendodana kaMasiphula ogama layo kunguZiyankomo. Kwaba yinkinga enkulu ngoba phela isijeziso salelocala kwakuwukufa, saqala iSilo saba manqikanqika ngokukhipha izwi lokuthi babulawe ngoba kukhona indodana kaNdunankulu futhi eyikhonzile ngoba yayizwana nabaNtwana beSilo okubalwa kubo uCetshwayo. Yabe isithi iNgonyama kuhle bengabulawa, wacasuka wagana unwabu undunankulu uMasiphula ethi umthetho kumele ulandelwe noma ngabe kone bani, wadumela umkhonto wabhokoda indodana yakhe uZiyankomo. Lokho kwenza ukuthi uCetshwayo amuzonde uMasiphula kaMamba, kwathi uCetshwayo mayesephethe umbuso wabe esehlela ukubulawa kukaMasiphula. Wabe esethumela izinceku ziyomufunela ushevu kuzodliswa uMasiphula. Zahamba zafike zathola umuthi uMgculazi. Wadliswa uMasiphula wagula kancane kancane waze wafa.
USolwazi uThokozani Nene wabe esezwa lomlando wase ethatha iAIDS eyipha igama elithi “ingculazi” elisusela kumgculazi ngoba ethi nayo ikudla kancane kancane uze ufe.

