UMntwana uNgcongcwane kaMqundane

Ngcongwane kaMqundane (eNjikini)

Lensizwa yabe iyiMboza ngebutho, ungumeluleki waseNdlini weNkosi uCetshwayo kaMpande, igama layo uMntwana uNgcongcwana kaMqundane kaNobhongoza kaJama. Izalwa iNdlunkulu okaNdabazamanina Mdletshe. Yabe ifakwe kuNdlunkulu omdala womntwana uMqundane okaNgotsha, wakwaHlabisa ozala iNkosana uMntwana uNtabatha kaMqundane. Nabo UBukhosana lobu wabutholela iSilo uMpande kaSenzangakhona, owathi uNtabatha uzalwa koNgotsha lapho azalwa khona naye.

Lesisithombe (esingenhla) yasishutha eNgilandi, iphelezele iSilo uCetshwayo, beyoqula icala lokuthi uZulu ubulale ingqwaba yaMangisi eSandlwane. Kuthiwa yayikhaliphile kakhulu eMgqondweni, yingakho yathola lesisikhundla sokuba uMeluleki weSilo. Yiyoyodwa kwaBakwaZulu, eNdlunkulu eyaphelezela iNkosi ngo 1882, kanti ngo 1880 yabe icelwe uMntwana uNdabuko kaMpande ukuyiphelezela iyocela ukubuyiswa kweNkosi ekudingisweni, lelothimba laphikelela eMgungundlovu ezikhulwini zaMakoloni, lamukelwa laphathwa Kahle uMbhishobhi waMasheshi uJohn William Colenso(uSobantu). Nakhoke ke bengayingeni abamhlophe eyomntwana wakwaMinya nethimba lakhe (Ngoba lokho kwakuyogwema izimpi zomkhaya ezagqubuka kamuva zoSuthu noMandlakazi). Nanso ke nayo iNkosi eKapa lapho eyayiboshelwe khona isithumela uMkhosana kaZanqwana wakwaZungu, owayeyinceku yayo noMzala wayo, ukuba azocela abanumzane abayisithupha abazoyiphelekezela iye ENgilandi ukuyobonana neNdlovukazi yaMangisi, kwabalwa uNgobozane kaVukuza wakwaMpungose eMahlabathini, owabe engumngane wayo iNkosi, kube uMelelesi kaManyosi waseMambatheni, kube uye uMntwana uNgcongcwana kaMqundane, naye ke uMkhosana wakwaZungu noLazarus Xaba owayezohumushela iNkosi isilungu.

‘UGebhuza onobusika emhlane,

ishoba lembube isilikithi, iswana lomlungu elivelenqoleni eNdondakusuka!’

uMntwana uNgcongcwana uzalwa eNdlini yaseNjikini, ungomunye wamafelankosi wabulawa yimpi kaMandlakazi eyavimbezela izigodlo uNdi mhla 21 kuNtulikazi ngowezi 1883. Wafa kanye nabafowabo ababili uTshingo kaMqundane noMazimela kaMqundane. Kanti ngaphambili mhla zingu 30 KuNdasa kuwo owezi 1883, kwasala abafowabo abahlanu bakwabo uMntwana uNgcongcwana, eMpini yaseMsebe, kwasala uNdukwana kaMqundane, uMagwala kaMqundane (wabe esemkhandlwini oluleka iSilo sakwaNodwengu), uHadahada kaMqundane, uHaqwa kaMqundane no Mjadu kaMqundane.

Ibhalwe uMntwana Andries Mboneni WaseNjikini. Likhona ibhuku elijulile ngamaqhawe nozalo lwaseNjikini yonkana elibhalwe nguye usomlando lo.

Events Calendar

July 2026

MO
TU
WE
TH
FR
SA
SU
29
30
1
2
3
4
5
Events for July

1st

No Events
Events for July

2nd

No Events
Events for July

3rd

No Events
Events for July

4th

No Events
Events for July

5th

No Events
6
7
8
9
10
11
12
Events for July

6th

No Events
Events for July

7th

No Events
Events for July

8th

No Events
Events for July

9th

No Events
Events for July

10th

No Events
Events for July

11th

No Events
Events for July

12th

No Events
13
14
15
16
17
18
19
Events for July

13th

No Events
Events for July

14th

No Events
Events for July

15th

No Events
Events for July

16th

No Events
Events for July

17th

No Events
Events for July

18th

No Events
Events for July

19th

No Events
20
21
22
23
24
25
26
Events for July

20th

No Events
Events for July

21st

No Events
Events for July

22nd

No Events
Events for July

23rd

No Events
Events for July

24th

No Events
Events for July

25th

No Events
Events for July

26th

No Events
27
28
29
30
31
1
2
Events for July

27th

No Events
Events for July

28th

No Events
Events for July

29th

No Events
Events for July

30th

No Events
Events for July

31st

No Events