
UMthaniya – “Kwelika Mthaniya”
Kuvamisile ukuthi isizwe sakwaZulu sibizwe ngokuthi “esika-Mthaniya” noma kuthiwe “kwelika-Mthaniya”. Kubalulekile ukwazi umsuka waleligama njengoba kujwayelekile ukuba libe solimini kwabaningi. UMthaniya kaManyelelakwakuyintombi ezalwa kwaSibiya. Wayezalwa nendlovukazi uSikhombazane kaManyelela wakwaSibiya owayegane inkosi uJama kaNdaba.
UNdlunkulu uSikhombazane kaManyelela kanye nenkosi uJama kaNdaba bathola izingane ezazingamawele amantombazane okwakungu Mmama kaJama kanye noMkabayi kaJama. KwaZulu amawele ayebizwa ngokuthiamakhosi noma izilwane, lokhu kwakuholela ekubulaweni kwewele elilodwa. Lokhu kwaguquka mhla uJama kaNdaba ethole amawele kanye nondlunkulu, wayesethi uJama kaNdaba abantwana bakhe ngeke babulawe. UNdlunkuluuSikhombazane washeshe wadlula emhlabeni akabangeesayithola inkosana eyayizolungela ukuhlala esihlalweni uma inkosi uJama kaNdaba ekhothama.
Emuva kokudlula emhlabeni kukaNdlunkulu uSikhombazane,uMkabayi kaJama wakhathazeka ukuthi uma inkosi uJama kaNdaba ekhothama ayikho inkosana eyothatha ubukhosi. Kanti zazingekho nezimpawu zokuthi inkosi uJama uyothatha enye indlovukazi ngoba kuthiwa wayengamningi kubantu besifazane. Kwaba iwona amawele uMmama no Mkabayi ababonisa inkosi uJama kaNdaba okwakunguyise wabo ukuba athathe uMthaniya kaManyelela wakwaSibiya amenze indlovukazi.
Emuva kokubonisana bavumelana ukuthi uMthaniya uzoba indlovukazi. UMmama kanye noMkabayi baziyela mathuphabafike bashela uMthaniya ukuba agane inkosi uJama kaNdaba. Isizathu salokhu ukuthi uMthaniya babemubona njengowesifazane oqotho kanti wayeyiNtungwa Nguniokuyinto eyayibalulekile.
Wagcina evumile uMthaniya ukuba indlovukazi emuva kwesikhathi edla amathambo engqondo ngaloludaba. Emuva kokugcagca, indlovukazi uMthaniya wazithwala, wase ebeletha umntwana wakhe wokuqala okwaba indodana. UJama kaNdaba wathokoza kakhulu ukuzwa lezi zindaba wayesethi kumadodakazi akhe uMmama kanye noMkabayi “senze ngakhona ukuba uMthaniya simulethe lapha” okwabe sekuphuma igama lendodana okwaba uSenzangakhona. USenzangakhona kaJama yena owazala iLembe inkosi uShaka eyithola kwindlovukazi uNandi kaBhebhe waseLangeni.
Isizwe sakwaZulu sasesibonga saphinde sahlonipha indlovukazi uMthaniya ngokuba igcine esibelethweni sayoindodana eyayizobusa ihlale esihlalweni sobukhosi. Isizwe sasesibona indlovukazi uMthaniya njengomuntu oyigugunovuse umbuso wakwaZulu wamangezinyawo. Kwase kuthiwa elikaMthaniya izwe ngoba uthole inkosana emuva kokushabalala kwamathemba okuthi izoba khona eyothatha ubukhosi ibuse izwe. Lokhu kwasekuholela ekutheni isizwe sibizwe ngokuthiwa “esika-Mthaniya” njengoba kuze kube namhlanje kusabizwa kanjalo.

